NTOKAZI esingene yathi shi kwezokulingisa, uMapule Ngobese edume ngeleNdlovukazi Mapule, ithi isihlava sokuhlukunyezwa kwabesifazane yisona esiyenze yenza umdlalo weshashalazi oqondiswe wuMbongeni Ngema ozoqala ukukhonjiswa ngale nyanga yabesifazane.
UMapule ukusho lokhu njengoba lomdlalo othi Omama Abahlobisi Bomhlaba, uzoqala ukukhonjiswa ePlayhouse, eThekwini, kusuka ngo-Agasti 10 kuya ku-Agasti 13. Uthe unethemba lokuthi ngelinye ilanga uzoba yifilimu egqugquzela ukuthi kusukunyelwe ukuhlukunyezwa kwabesifazane.
Kuwona, abesifazane bazoxoxa izindaba ezehlukene zokuhlukunyezwa abakuthola emshadweni, ebudlelwaneni bezothando, emsebenzini ngisho emindenini abazalwa kuyo.
“Ukuzibona la sikhona manje kusho lukhulu futhi sibheke ekutheni manje siwenze ifilimu lo mdlalo. Kuwona sixoxa izindaba ezehlukene ezithinta abesifazane. Okujabulisa nakakhulu ngawo wukuthi siwenze ngenyanga yabesifazane ngoba sifuna ulethe umyalezo ojulile kubantu abaningi.
“Sisebenze nabesifazane abenza ubuhlalu, abadayisa amaphinifa, izinkamba namacansi emigwaqweni yeTheku. Kahle kahle ngangihlose ukubhala incwadi kodwa kula ngithole okuningi nakubo abahlukumezile, sabathatha sabafaka…
